11. Ububi buphakathi kwawo;imbandezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo.
12. Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo;ngabe ngiyakuthwala;akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami;ngabe ngamcashela;
13. kepha nguwe ntanga yami,mhlobo wami nomngane wami.
14. Sasihlalisana kamnandi;sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo.
15. Ukufa makubazume,bashonele endaweni yabafileyo besezwa,ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.