1. Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na?Umusa kaNkulunkulu umi njalo.
2. Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo,wena owenza amacebo.
3. Uthanda okubi kunokuhle,namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela*
4. Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.