1. Ngihawukele, Nkulunkulu,ngokomusa wakho;yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
2. Ngigezisise ebubini bami,ungihlanze esonweni sami.
3. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami;isono sami siphambi kwami njalo.
4. Ngonile kuwe wena wedwa,ngakwenza okubi emehlweni akho,ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho,uchache ekwahluleleni kwakho.
5. Bheka, ngazalelwa ebubini,umame wangithabatha esonweni.
6. Bheka, uthanda iqinisongaphakathi enhliziyweni;wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.
7. Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke;ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.
8. Ngizwise intokozo nenjabulo,ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.
9. Fihla ubuso bakho ezonweni zami,wesule zonke izenzo zami ezimbi.