Amahubo 50:4-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ubiza izulu ngaphezulukanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:

5. “Buthelani kimi abangcwele bamiabenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”

6. Izulu lishumayela ukulunga kwakhe,ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*

7. “Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma;Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi:NginguNkulunkulu,uNkulunkulu wakho.

8. Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho;iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.

9. Angiyikuthatha nkunzi endlini yakhonampongo ezibayeni zakho.

10. Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi,nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.

11. Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni,nezilwane zasendle zaziwa yimi.

Amahubo 50