17. ingani uyazonda ukuqondiswa,amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?
18. Uma ubona isela, uvumelana nalo;neziphingi uhlanganyela nazo.
19. Umlomo wakho uwuyekela ebubini;ulimi lwakho luqamba inkohliso.
20. Uhlala uhleba umfowenu;unyevuza indodana kanyoko.
21. Lokho ukwenzile, ngathula;ushaye sengathi nginjengawe;ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.
22. “Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu,funa nginidwengule,kungabikho osindisayo.
23. Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa;oqaphela indlela yakhengiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”