Amahubo 50:12-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Uma bengilambile,bengingekutshele wena,ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.

13. Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi,ngiphuze igazi lezimpongo, na?

14. Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga,uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;

15. ngibize ngosuku lwenhlupheko;ngiyakukukhulula,wena uyakungidumisa.”

16. Kepha komubi uNkulunkulu uthi:“Yini ukuba ushumayele izimiso zami,uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,

17. ingani uyazonda ukuqondiswa,amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?

18. Uma ubona isela, uvumelana nalo;neziphingi uhlanganyela nazo.

19. Umlomo wakho uwuyekela ebubini;ulimi lwakho luqamba inkohliso.

20. Uhlala uhleba umfowenu;unyevuza indodana kanyoko.

21. Lokho ukwenzile, ngathula;ushaye sengathi nginjengawe;ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.

22. “Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu,funa nginidwengule,kungabikho osindisayo.

Amahubo 50