Amahubo 50:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni,nezilwane zasendle zaziwa yimi.

12. Uma bengilambile,bengingekutshele wena,ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.

13. Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi,ngiphuze igazi lezimpongo, na?

14. Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga,uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;

15. ngibize ngosuku lwenhlupheko;ngiyakukukhulula,wena uyakungidumisa.”

16. Kepha komubi uNkulunkulu uthi:“Yini ukuba ushumayele izimiso zami,uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,

Amahubo 50