Amahubo 50:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UNkulunkulu uMninimandla onke,uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlabakusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.

2. ESiyoni eliphelele ebuhleniuNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.

3. UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula;umlilo udla phambi kwakhe;uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.

4. Ubiza izulu ngaphezulukanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:

5. “Buthelani kimi abangcwele bamiabenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”

6. Izulu lishumayela ukulunga kwakhe,ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*

7. “Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma;Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi:NginguNkulunkulu,uNkulunkulu wakho.

8. Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho;iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.

9. Angiyikuthatha nkunzi endlini yakhonampongo ezibayeni zakho.

10. Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi,nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.

11. Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni,nezilwane zasendle zaziwa yimi.

12. Uma bengilambile,bengingekutshele wena,ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.

Amahubo 50