1. Yizwa amazwi ami, Jehova,uqaphele ukuzindla kwami.
2. Yizwa izwi lokukhala kwami,Nkosi yami, Nkulunkulu wami,ngokuba ngithandaza kuwe.
3. Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
4. Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi;omubi akanakuhlala kuwe.
5. Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho;uyabazonda bonke abenza okubi.
6. Uyabhubhisa abakhuluma amanga;uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.
7. Kepha mina ngiyakungena endlini yakhongobuningi bomusa wakho,ngikhothame ngokukuhlonipha,ngibhekene nendawo yakho engcwele.
8. Jehova, ngihole ngokulunga kwakhongenxa yezitha zami,ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.
9. Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo;izibilini zabo zingukonakala:umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo;bayathopha ngolimi lwabo.