1. Yizwa amazwi ami, Jehova,uqaphele ukuzindla kwami.
2. Yizwa izwi lokukhala kwami,Nkosi yami, Nkulunkulu wami,ngokuba ngithandaza kuwe.
3. Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
4. Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi;omubi akanakuhlala kuwe.
5. Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho;uyabazonda bonke abenza okubi.
6. Uyabhubhisa abakhuluma amanga;uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.
7. Kepha mina ngiyakungena endlini yakhongobuningi bomusa wakho,ngikhothame ngokukuhlonipha,ngibhekene nendawo yakho engcwele.