Amahubo 5:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Yizwa amazwi ami, Jehova,uqaphele ukuzindla kwami.

2. Yizwa izwi lokukhala kwami,Nkosi yami, Nkulunkulu wami,ngokuba ngithandaza kuwe.

3. Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.

4. Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi;omubi akanakuhlala kuwe.

5. Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho;uyabazonda bonke abenza okubi.

6. Uyabhubhisa abakhuluma amanga;uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.

7. Kepha mina ngiyakungena endlini yakhongobuningi bomusa wakho,ngikhothame ngokukuhlonipha,ngibhekene nendawo yakho engcwele.

Amahubo 5