Amahubo 5:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Yizwa amazwi ami, Jehova,uqaphele ukuzindla kwami.

2. Yizwa izwi lokukhala kwami,Nkosi yami, Nkulunkulu wami,ngokuba ngithandaza kuwe.

3. Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.

4. Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi;omubi akanakuhlala kuwe.

Amahubo 5