16. Ungesabi, nxa umuntu eceba,nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.
17. Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho;ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.
18. Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila,futhi abantu bekudumisa,ngokuba uzondle kahle,
19. nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise;abayikukubona ukukhanya naphakade.
20. Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.