10. Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafanokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha,imfuyo yabo bayishiyele abanye.
11. Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabozizakuma kuze kube phakade,nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane;amazwe abo bawabiza ngamagama abo.
12. Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma;ufana nezilwane ezibhubhayo.
13. Le ndlela yabo ingubuwula babo,balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*
14. Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu;ukufa kuyakubalusa,abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa,isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo,bangabe besaba nandlu.
15. Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wamiesandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*
16. Ungesabi, nxa umuntu eceba,nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.
17. Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho;ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.
18. Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila,futhi abantu bekudumisa,ngokuba uzondle kahle,
19. nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise;abayikukubona ukukhanya naphakade.
20. Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.