Amahubo 49:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Yizwani lokhu nonke nina bantu;bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,

2. abantukazana nezikhulu,abacebileyo nabampofu.

3. Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha,ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

4. Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga,ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.*

5. Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi,lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,

6. labo abathemba imfuyo yabobezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

7. Umuntu angemhlenge umfowabo,angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.

8. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu;akunakuphela nanini

9. ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

10. Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafanokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha,imfuyo yabo bayishiyele abanye.

11. Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabozizakuma kuze kube phakade,nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane;amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

12. Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma;ufana nezilwane ezibhubhayo.

Amahubo 49