Amahubo 44:12-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize;awuzuzi lutho ngokubiza ngaso.

13. Usenza isihlamba kubakhelwane bethu,inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo.

14. Usenza isaga kwabezizwe,banikine ikhanda phakathi kwabantu.

15. Usuku lonke ukudunyazwa kwami kuphambi kwami,namahloni amboza ubuso bami

16. ngenxa yoklolodayo nojivazayo,ngenxa yesitha nomphindiseli.

17. Konke lokho kusehlele,kodwa asikukhohlwanga wena;asisaphulanga isivumelwano sakho.

Amahubo 44