10. Usihlehlisela emuva esitheni;abasizondayo bayaziphangela.
11. Usinikezele ukudliwa njengezimvu,wasihlakaza phakathi kwabezizwe.
12. Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize;awuzuzi lutho ngokubiza ngaso.
13. Usenza isihlamba kubakhelwane bethu,inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo.
14. Usenza isaga kwabezizwe,banikine ikhanda phakathi kwabantu.
15. Usuku lonke ukudunyazwa kwami kuphambi kwami,namahloni amboza ubuso bami