Amahubo 44:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu,okhokho besilandisa ngesenzoowasenzayo emihleni yabo,emihleni yasendulo.

2. Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho,kepha bona wabatshala;wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.

3. Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,nengalo yabo ayibasindisanga;kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,nokukhanya kobuso bakho,ngokuba wawubathanda.

4. Wena Nkulunkulu uyinkosi yami;yaleza ukusindiswa kukaJakobe.

5. Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu;ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo.

6. Ngokuba angiwethembi umnsalo wami,nenkemba yami ayingisindisi;

7. kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu,wajabhisa abasizondayo.

8. Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke;igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela*

Amahubo 44