1. Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.
2. Umphefumulo wami womela uNkulunkulu,uNkulunkulu ophilayo;ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?
3. Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku,ngokuba usuku lonke bathi kimi:“Uphi uNkulunkulu wakho na?”
4. Ngiyakukhumbula lokhu,ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami,njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulungenhlokomo yokwethaba nokubonga,ibandla ligubha umkhosi.