7. Bonke abangizondayo banyenyezelana ngami:bangisongozela okubi, bathi:
8. “Into embi inamathele kuye;olele phansi kasayikululama.”
9. Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba,obedla isinkwa sami,ungiphakamisele isithende sakhe.
10. Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise,ukuze ngibaphindisele.
11. Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda,ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami.
12. Mina uyangimisa ebuqothweni bami;uyangibeka phambi kobuso bakho kuze kube phakade.
13. Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli,kusukela phakade kuze kube phakade.Amen, Amen.