Amahubo 41:2-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. UJehova uyakumlondoloza, amphilise;uyakubusiswa emhlabeni;awuyikumnikela entandweni yezitha zakhe.

3. UJehova uyakumphasa ecansini egula;wena uyakuguqula ukhukho lwakhe ekuguleni kwakhe.

4. Mina ngithi: “Jehova, ngihawukele,uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.”

5. Izitha zami zikhuluma okubi ngami, zithi:“Uzakufa nini, igama lakhe lichitheke, na?”

6. Nalapho kuza ozongibona,ukhuluma amanga;inhliziyo yakhe izibuthela ukonakala,abesephuma akhulume ngakho.

7. Bonke abangizondayo banyenyezelana ngami:bangisongozela okubi, bathi:

8. “Into embi inamathele kuye;olele phansi kasayikululama.”

9. Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba,obedla isinkwa sami,ungiphakamisele isithende sakhe.

10. Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise,ukuze ngibaphindisele.

11. Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda,ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami.

Amahubo 41