Amahubo 37:6-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,nokufanele wena njengemini.

7. Thula phambi kukaJehova,ulindele yena;ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,ngomuntu osongoza amacebo amabi.

8. Pheza ukuthukuthela;yeka ulaka, ungakhathazeki;kubanga ukona nje.

9. Ngokuba ababi bazakuchithwa,kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.

10. Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho;kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe,uyakube engasekho.

11. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba,bathokoze ngokuthula okukhulu.

12. Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi,amgedlele amazinyo.

13. INkosi iyakumhleka,ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.

14. Ababi bahosha inkemba,bansale umnsalo waboukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu,babulale abandlela ilungile.

15. Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo,iminsalo yabo yaphulwe.

16. Okuncane anakho olungileyo kungconokunemfuyo yababi abaningi.

17. Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.

18. UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho;ifa labo liyakuma kuze kube phakade.

Amahubo 37