5. Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;yena uzakukwenza.
6. Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,nokufanele wena njengemini.
7. Thula phambi kukaJehova,ulindele yena;ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,ngomuntu osongoza amacebo amabi.
8. Pheza ukuthukuthela;yeka ulaka, ungakhathazeki;kubanga ukona nje.
9. Ngokuba ababi bazakuchithwa,kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.
10. Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho;kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe,uyakube engasekho.
11. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba,bathokoze ngokuthula okukhulu.
12. Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi,amgedlele amazinyo.
13. INkosi iyakumhleka,ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.
14. Ababi bahosha inkemba,bansale umnsalo waboukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu,babulale abandlela ilungile.