Amahubo 37:32-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Omubi uqaphela olungileyo,ufuna ukumbulala.

33. UJehova akayikumnikela esandleni sakhe;akayikumlahla lapho ahlulelwa khona.

34. Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe;uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba,ubukele lapho ababi bechithwa khona.

35. Ngambona omubi oyisidlovaezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;

36. kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho;ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.

37. Mbhekisise ongasolekiyo,umbone oqotho;ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.

38. Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke;isikhathi sababi siyakunqunywa.

39. Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova;uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.

40. UJehova uyabasiza, abakhulule;ubakhulula kwababi, abasindise,ngokuba bayamethemba.

Amahubo 37