29. Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba,bahlale kuwo njalonjalo.
30. Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha;ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.
31. Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe;izinyathelo zakhe azisheleli.
32. Omubi uqaphela olungileyo,ufuna ukumbulala.
33. UJehova akayikumnikela esandleni sakhe;akayikumlahla lapho ahlulelwa khona.
34. Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe;uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba,ubukele lapho ababi bechithwa khona.
35. Ngambona omubi oyisidlovaezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;
36. kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho;ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.
37. Mbhekisise ongasolekiyo,umbone oqotho;ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.
38. Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke;isikhathi sababi siyakunqunywa.
39. Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova;uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.
40. UJehova uyabasiza, abakhulule;ubakhulula kwababi, abasindise,ngokuba bayamethemba.