Amahubo 37:27-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Deda kokubi, wenze okuhle,uyakuhlala kuze kube phakade.

28. Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,akabashiyi abangcwele bakhe;bayalondolozwa kuze kube phakade,kepha inzalo yababi iyachithwa.

29. Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba,bahlale kuwo njalonjalo.

30. Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha;ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.

31. Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe;izinyathelo zakhe azisheleli.

32. Omubi uqaphela olungileyo,ufuna ukumbulala.

33. UJehova akayikumnikela esandleni sakhe;akayikumlahla lapho ahlulelwa khona.

34. Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe;uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba,ubukele lapho ababi bechithwa khona.

35. Ngambona omubi oyisidlovaezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;

36. kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho;ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.

37. Mbhekisise ongasolekiyo,umbone oqotho;ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.

Amahubo 37