18. UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho;ifa labo liyakuma kuze kube phakade.
19. Abayikujabha esikhathini esibi;bayakusutha ezinsukwini zendlala.
20. Ngokuba ababi bayakubhubha;izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo:ziyakunyamalala,zinyamalale njengentuthu.
21. Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;kepha olungileyo unesihawu, aphane.
22. Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba,kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.
23. Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;uyayithanda indlela yakhe.