Amahubo 37:13-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. INkosi iyakumhleka,ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.

14. Ababi bahosha inkemba,bansale umnsalo waboukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu,babulale abandlela ilungile.

15. Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo,iminsalo yabo yaphulwe.

16. Okuncane anakho olungileyo kungconokunemfuyo yababi abaningi.

17. Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.

18. UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho;ifa labo liyakuma kuze kube phakade.

19. Abayikujabha esikhathini esibi;bayakusutha ezinsukwini zendlala.

20. Ngokuba ababi bayakubhubha;izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo:ziyakunyamalala,zinyamalale njengentuthu.

21. Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;kepha olungileyo unesihawu, aphane.

22. Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba,kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.

23. Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;uyayithanda indlela yakhe.

24. Noma ekhubeka, akayikuwa phansi,ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.

Amahubo 37