1. Ungazikhathazi ngababi,ungabi namhawu ngabenza okungalungile.
2. Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani,babune njengemithana eluhlaza.
3. Themba kuJehova,wenze okulungileyo;hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;
4. zithokozise ngoJehova,yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.
5. Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;yena uzakukwenza.
6. Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,nokufanele wena njengemini.
7. Thula phambi kukaJehova,ulindele yena;ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,ngomuntu osongoza amacebo amabi.
8. Pheza ukuthukuthela;yeka ulaka, ungakhathazeki;kubanga ukona nje.
9. Ngokuba ababi bazakuchithwa,kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.
10. Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho;kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe,uyakube engasekho.
11. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba,bathokoze ngokuthula okukhulu.