Amahubo 35:21-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”

22. Uyakubona, Jehova; mawungathuli;Nkosi, mawungabi kude nami.

23. Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,Nkulunkulu wami, Nkosi yami,umele icala lami.

24. Ngahlulele ngokulunga kwakho,Jehova Nkulunkulu wami;mabangajabuli ngami.

25. Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi:“He, kwaya ngesifiso sethu!”Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”

26. Mabajabhe,babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami;abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.

Amahubo 35