19. Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu;mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.
20. Ngokuba abakhulumi ukuthula,kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.
21. Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”
22. Uyakubona, Jehova; mawungathuli;Nkosi, mawungabi kude nami.
23. Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,Nkulunkulu wami, Nkosi yami,umele icala lami.
24. Ngahlulele ngokulunga kwakho,Jehova Nkulunkulu wami;mabangajabuli ngami.