Amahubo 35:18-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Ngizakukubonga ebandleni elikhulu,ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.

19. Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu;mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.

20. Ngokuba abakhulumi ukuthula,kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.

21. Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”

22. Uyakubona, Jehova; mawungathuli;Nkosi, mawungabi kude nami.

23. Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,Nkulunkulu wami, Nkosi yami,umele icala lami.

24. Ngahlulele ngokulunga kwakho,Jehova Nkulunkulu wami;mabangajabuli ngami.

25. Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi:“He, kwaya ngesifiso sethu!”Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”

26. Mabajabhe,babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami;abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.

27. Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami;mabathi njalonjalo:“Makadunyiswe uJehovaothokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”

28. Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho,usuku lonke ngodumo lwakho.

Amahubo 35