Amahubo 35:14-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu;njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.

15. Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye;abashayi engingabaziyo bangibunganyela;badumaza bengayeki.

16. Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwabangigedlela amazinyo.

17. Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na?Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo,ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo.

18. Ngizakukubonga ebandleni elikhulu,ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.

19. Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu;mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.

20. Ngokuba abakhulumi ukuthula,kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.

21. Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”

22. Uyakubona, Jehova; mawungathuli;Nkosi, mawungabi kude nami.

23. Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,Nkulunkulu wami, Nkosi yami,umele icala lami.

24. Ngahlulele ngokulunga kwakho,Jehova Nkulunkulu wami;mabangajabuli ngami.

25. Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi:“He, kwaya ngesifiso sethu!”Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”

26. Mabajabhe,babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami;abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.

27. Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami;mabathi njalonjalo:“Makadunyiswe uJehovaothokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”

28. Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho,usuku lonke ngodumo lwakho.

Amahubo 35