11. Ofakazi abangalungile bayasukuma,babuza kimi engingakwaziyo.
12. Bangiphindisela okubi ngokuhle;umphefumulo wami bawusozisele.
13. Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila;umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla;umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.
14. Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu;njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.
15. Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye;abashayi engingabaziyo bangibunganyela;badumaza bengayeki.
16. Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwabangigedlela amazinyo.
17. Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na?Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo,ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo.
18. Ngizakukubonga ebandleni elikhulu,ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.
19. Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu;mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.
20. Ngokuba abakhulumi ukuthula,kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.