1. Phikisana, Jehova,nabaphikisana nami,ulwe nabo abalwa nami.
2. Thatha ihawu nesihlangu,uvuke, ungisize.
3. Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo;yisho kuwo umphefumulo wami, uthi:“Mina ngiyinsindiso yakho.”
4. Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami;mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.
5. Mababe njengamakhoba emoyeni,ingelosi kaJehova ibadudule.
6. Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi,ingelosi kaJehova ibaxoshe.
7. Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici,bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.
8. Ukubhujiswa makumehlele engazelele;inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena;makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.
9. Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova,uthokoze ngokusindisa kwakhe.
10. Onke amathambo ami azakuthi:“Jehova, ngubani onjengawe,wena okhulula ohluphekayo,yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”
11. Ofakazi abangalungile bayasukuma,babuza kimi engingakwaziyo.