Amahubo 33:9-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngokuba wakhuluma, kwaba khona;wayaleza, kwema khona.

10. UJehova uchitha icebo labezizwe;uphuthisa imicabango yabantu.

11. Icebo likaJehova limi phakade,nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

12. Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.

13. UJehova uyabheka esezulwini;uyababona bonke abantwana babantu.

14. Esendaweni lapho ehlala khonauyababuka bonke abakhileyo ezweni,

15. yena owadala izinhliziyo zabo bonke,oqaphela zonke izenzo zabo.

16. Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo;isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.

17. Ihhashi liyize ekusindiseni,alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo.

Amahubo 33