1. Yethabani kuJehova nina balungileyo;ukudumisa kubafanele abaqotho.
2. Bongani uJehova ngehabhu;*mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi.
3. Mhubeleni ihubo elisha,nibethe kahle ngenhlokomo.
4. Ngokuba izwi likaJehova lilungile;zonke izenzo zakhe ziyakholeka.
5. Uthanda ukulunga nokwahlulela;umhlaba ugcwele umusa kaJehova.
6. Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.
7. Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba;uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.
8. Umhlaba wonke mawumesabe uJehova;bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.
9. Ngokuba wakhuluma, kwaba khona;wayaleza, kwema khona.
10. UJehova uchitha icebo labezizwe;uphuthisa imicabango yabantu.
11. Icebo likaJehova limi phakade,nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.
12. Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.
13. UJehova uyabheka esezulwini;uyababona bonke abantwana babantu.
14. Esendaweni lapho ehlala khonauyababuka bonke abakhileyo ezweni,
15. yena owadala izinhliziyo zabo bonke,oqaphela zonke izenzo zabo.
16. Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo;isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.
17. Ihhashi liyize ekusindiseni,alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo.
18. Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,abathemba umusa wakhe,