1. Yethabani kuJehova nina balungileyo;ukudumisa kubafanele abaqotho.
2. Bongani uJehova ngehabhu;*mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi.
3. Mhubeleni ihubo elisha,nibethe kahle ngenhlokomo.
4. Ngokuba izwi likaJehova lilungile;zonke izenzo zakhe ziyakholeka.
5. Uthanda ukulunga nokwahlulela;umhlaba ugcwele umusa kaJehova.
6. Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.
7. Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba;uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.
8. Umhlaba wonke mawumesabe uJehova;bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.
9. Ngokuba wakhuluma, kwaba khona;wayaleza, kwema khona.
10. UJehova uchitha icebo labezizwe;uphuthisa imicabango yabantu.