Amahubo 31:14-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kepha mina ngithemba wena Jehova;ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”

15. Izikhathi zami zisesandleni sakho;ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

16. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;ngisindise ngomusa wakho.

17. Jehova, mawungangijabhisi,ngokuba ngiyakubiza;mabajabhiswe ababi,bathuliswe endaweni yabafileyo.

18. Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyongokuzidla nangokweyisa.

19. Yeka ubukhulu bomusa wakhoobagodlele wona abakwesabayo,owenzele bona ababalekela kuwe,phambi kwabantwana babantu.

Amahubo 31