Amahubo 30:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngakhala kuwe Jehova;nganxusa kuJehova, ngathi:

9. “Kukhona nzuzoni egazini laminasekushoneni kwami egebeni na?Uthuli luzakukudumisa yini,lushumayele iqiniso lakho, na?

10. Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi;Jehova, yiba ngumsizi wami.”

11. Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina;wangikhumula izingubo zami zokulila,wangembathisa ukujabula,

12. ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli;Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.

Amahubo 30