6. Mina ngithe ekubuseni kwami:Angisoze nganyakaziswa naphakade.
7. Jehova,ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami;wabufihla ubuso bakho,ngase ngithuthumela.
8. Ngakhala kuwe Jehova;nganxusa kuJehova, ngathi:
9. “Kukhona nzuzoni egazini laminasekushoneni kwami egebeni na?Uthuli luzakukudumisa yini,lushumayele iqiniso lakho, na?
10. Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi;Jehova, yiba ngumsizi wami.”
11. Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina;wangikhumula izingubo zami zokulila,wangembathisa ukujabula,
12. ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli;Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.