1. Ngiyakuphakamisa, Jehova,ngokuba ungikhuphulile;awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.
2. Jehova Nkulunkulu wami,ngakhala kuwe, wangiphilisa.
3. Jehova,umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo,wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.
4. Dumisani uJehova nina enimkhonzayo,nibonge igama lakhe elingcwele.