Amahubo 29:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Mnikeni uJehova,nina madodana kaNkulunkulu,mnikeni uJehova udumo namandla.

2. Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe,nikhuleke kuJehova emvunulweni engcwele.

3. Izwi likaJehova liphezu kwamanzi,uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma;uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.

4. Izwi likaJehova linamandla;izwi likaJehova linenkazimulo.

5. Izwi likaJehova liyaphula imisedari;*uJehova waphula imisedari yaseLebanoni.

6. ILebanoni ulitshekulisisa okwenkonyane,neSiriyoni njengethole lenyathi.

7. Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo.

8. Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane;uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.

9. Izwi likaJehova liphunzisa izimbabala;lihluba amahlathi;nasethempelini lakhe konke kuthi: “Udumo!”

Amahubo 29