6. Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,ngokuba kukhona kwaphakade.
7. Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami;ngikhumbule ngokomusawakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.
8. UJehova muhle, ulungile;ngalokho ufundisa izoni indlela.
9. Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo,abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
10. Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqinisokulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.
11. Ngenxa yegama lakho, Jehova,ngithethelele ukona kwami,ngokuba kukhulu.
12. Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na?Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.
13. Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama,inzalo yakhe iyakuzuza izwe.
14. Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo;uyakubazisa isivumelwano sakhe.
15. Amehlo ami akuye uJehova njalo,ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni.
16. Phendukela kimi, ube nomusa kimi,ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.