Amahubo 24:2-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle,wawumisa phezu kwemifula.

3. Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova,ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?

4. Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo,ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeninongafungi ngenkohliso.

5. Uyakwamukela isibusiso kuJehovanokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.

6. Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo;bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela*

7. Phakamisani, masango,izinhloko zenu;nani minyango yaphakade,phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

8. Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?InguJehova onamandla, oyiqhawe,uJehova oyiqhawe lokulwa.

9. Phakamisani, masango,izinhloko zenu;nani minyango yaphakade,phakamaniukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

10. Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawotinguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela*

Amahubo 24