Amahubo 24:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,izwe nabakhileyo kulo.

2. Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle,wawumisa phezu kwemifula.

3. Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova,ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?

4. Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo,ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeninongafungi ngenkohliso.

5. Uyakwamukela isibusiso kuJehovanokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.

Amahubo 24