8. bathi: “Zinikele kuJehova;makamsindise, amkhulule,njengokuba emthanda.”
9. Impela nguwe owangikhipha esizalweni,wangikhoselisa ngasemabeleni kamame.
10. Ngaphonswa phezu kwakho kwasesizalweni;unguNkulunkulu wami kwasesizalweni sikamame.
11. Ungabi kude nami,ngokuba inhlupheko iseduze,nosizayo akakho.
12. Izinkunzi eziningi zingibunganyele,ezinamandla zaseBashani zingizungezile.
13. Zingikhamisele umlomo wazonjengengonyama edwengulayo nebhodlayo.
14. Ngichithiwe njengamanzi;onke amathambo ami enyele;inhliziyo yami injengengcina,incibilikile phakathi kwezibilini zami.