Amahubo 22:6-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kepha mina ngiyimphethu,angisiye umuntu;ngiyisithuko sabantu,ngiyindelelo yabantu.

7. Bonke abangibonayo bayangiklolodela,baphukule imilomo,banikine amakhanda,

8. bathi: “Zinikele kuJehova;makamsindise, amkhulule,njengokuba emthanda.”

9. Impela nguwe owangikhipha esizalweni,wangikhoselisa ngasemabeleni kamame.

Amahubo 22