3. Kepha wena ungoNgcweleohlezi ezibongweni zika-Israyeli.
4. Obaba bethu babekwethemba;babethemba, wena wabakhulula.
5. Bakhala kuwe, bakhululwa;bethemba wena, abaze bajabha.
6. Kepha mina ngiyimphethu,angisiye umuntu;ngiyisithuko sabantu,ngiyindelelo yabantu.
7. Bonke abangibonayo bayangiklolodela,baphukule imilomo,banikine amakhanda,
8. bathi: “Zinikele kuJehova;makamsindise, amkhulule,njengokuba emthanda.”
9. Impela nguwe owangikhipha esizalweni,wangikhoselisa ngasemabeleni kamame.
10. Ngaphonswa phezu kwakho kwasesizalweni;unguNkulunkulu wami kwasesizalweni sikamame.
11. Ungabi kude nami,ngokuba inhlupheko iseduze,nosizayo akakho.
12. Izinkunzi eziningi zingibunganyele,ezinamandla zaseBashani zingizungezile.
13. Zingikhamisele umlomo wazonjengengonyama edwengulayo nebhodlayo.
14. Ngichithiwe njengamanzi;onke amathambo ami enyele;inhliziyo yami injengengcina,incibilikile phakathi kwezibilini zami.
15. Amandla ami omile njengodengezi;ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami;ungibeka othulini lokufa.
16. Ngokuba izinja ziyangibungayela;umbonda wababi ungizungezile;izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.
17. Ngingabala onke amathambo ami;bayabukela, bangibuke bengiklibhizela.
18. Babelana izingubo zami,benzelana inkatho ngesambatho sami.