Amahubo 22:21-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Ngisindise emlonyeni wengonyama;nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa.

22. Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho,ngikudumise phakathi kwebandla.

23. Nina enesaba uJehova, mbongeni;nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni,nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.

24. Ngokuba akadelelanga,akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo;akamfihlelanga ubuso bakhe,kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.

25. Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu;izithembiso zami ngiyakuzigcwalisaphambi kwabamesabayo.

26. Abamnene bayakudla, basuthe;abafuna uJehova bayakumdumisa;inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.

27. Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula,iphendukele kuJehova,nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.

28. Ngokuba umbuso ungokaJehova;nguye obusa izizwe.

29. Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke;bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe,naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.

30. Inzalo iyakumkhonza;isizukulwane esizayo siyakulandiswa ngayo iNkosi.

31. Bayakuza bashumayele ukulunga kwayokuso isizwe esiyakuzalwa ngokuthi ikwenzile.

Amahubo 22