Amahubo 22:19-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Kepha wena Jehova mawungabi kude,wena mandla ami, shesha ungisize.

20. Sindisa umphefumulo wami enkembeni,ukuphila kwami emandleni ezinja.

21. Ngisindise emlonyeni wengonyama;nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa.

22. Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho,ngikudumise phakathi kwebandla.

23. Nina enesaba uJehova, mbongeni;nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni,nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.

24. Ngokuba akadelelanga,akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo;akamfihlelanga ubuso bakhe,kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.

25. Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu;izithembiso zami ngiyakuzigcwalisaphambi kwabamesabayo.

26. Abamnene bayakudla, basuthe;abafuna uJehova bayakumdumisa;inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.

27. Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula,iphendukele kuJehova,nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.

28. Ngokuba umbuso ungokaJehova;nguye obusa izizwe.

29. Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke;bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe,naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.

Amahubo 22